ISIWASHO SENHLANHLA YOMSEBENZI

May 29, 2021

Siyini Isiwasho Senhlanhla

Zehlukene izindlela isiwasho senhlanhla esithakwa ngayo kanti futhi nendlela esisebenza ngayo. Lapha sizobheka ukuthi yini umsebenzi wesiwasho senhlanhla nokuthi wena ungazuza kanjani kuso

Ngaphambi kokuthi size sikhulume ngesiwasho senhlanhla kubalulekile ukuthi kesihlaziye izinhlobo zeziwasho ezahlukene

  • Nazi Iziwasho Ezijwayelekile
  • Isiwasho Senhlanhla
  • Isiwasho Semali
  • Isiwasho Senhlanhla Yemali
  • Isiwasho Umavula Kuvaliwe
  • Isiwasho Sempepho
  • Isiwasho Senhlanhla Yomsebenzi
  • Isiwasho Senhlanhla Yommendo

Lapha ngaphezulu uyazibonela ukuthi kahle kahle iziwasho sehlukene kanjani kodwa ziyaye ziqagulwe ngemisebenzi noma ngomsebenzi isiwasho esiwenzayo. 

Isiwasho asikhethile ukuthi sididiyelwe ubani nokuthi futhi sisetshenziswa wubani. Lokhu ke yikhona okwenza ukuthi isiwasho sehluke emthini. Umuthi wona usuke wakhelwe ukusiza lowo osuke ekhandelwe wona.

Isiwasho Sesikhundla Emsebenzini

Akusona kuphela isiwasho somsebenzi esixoxa ngaso lapha. Kukhona nalokhu okunye okuthiwa isiwasho sesikhundla emsebenzi.

Lesi yisiwasho esidingwa kakhulu yilabo abasebenzayo kodwa abafuna ukuthi kunyuke izimendlela zabo emsebenzini. Indlela yokudidiyela lesi isiwasho yona ithe ukuhluka kancane.

Izithako Zaso Isiwasho Somsebenzi

  • Zeneke Omhlophe
  • Mkhando Pink
  • Mkhando Purple
  • Mkhando Green
  • Roslina
  • Qaqandaba
  • Mzaneno
  • Mlotha wamakula 

Uma udinga ukwazi ukuthi lemithi ihlanganiswa kanjani shiya umyalezo kuma comments ngezansi